1 Amakhosi 7:30-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke.

31. Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.

32. Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.

33. Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande* awo, nezipokwe* zawo, namanamfu* awo kwakubunjiwe konke.

34. Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe.

35. Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.

36. Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi,* nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke.

37. Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye.

38. Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.

39. Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.

40. UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:

41. izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

42. namapomegranati* angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,

1 Amakhosi 7