26. Inkosi yakwa-Israyeli yathi: “Mthathe uMikhaya, umbuyisele ku-Amoni, umbusi womuzi, nakuJowashi indodana yenkosi,
27. uthi: ‘Isho kanje inkosi, ithi: Fakani lona etilongweni, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngokuphila.’ ”
28. Wayesethi uMikhaya: “Uma ubuya impela ngokuphila, uyakube engakhulumanga ngami uJehova.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”
29. Inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, inkosi yakwaJuda, base benyukela eRamoti Gileyadi.
30. Inkosi yakwa-Israyeli yathi kuJehoshafati: “Ngiyakuziguqula, ngingene ekulweni, kepha wena wembathe izambatho zakho.” Yayisiziguqula inkosi yakwa-Israyeli, yangena ekulweni.
31. Kepha inkosi yase-Aramu ibiyalile izinduna ezingamashumi amathathu nambili zezinqola zayo ngokuthi: “Ningalwi namuntu, omncane noma omkhulu, kuphela nenkosi yakwa-Israyeli yodwa.”
32. Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati, zathi: “Impela lo uyinkosi yakwa-Israyeli.” Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo, kepha uJehoshafati wamemeza.
33. Kwathi sezibonile izinduna zezinqola ukuthi yena akasiyo inkosi yakwa-Israyeli, zabuya ekumlandeleni.
34. Kepha umuntu othile wansala umnsalo wakhe ngokungazeleli nje, wayihlaba inkosi yakwa-Israyeli enhlanganisweni yebhantshi lensimbi, yathi kumshayeli: “Phenduka, ungikhiphe empini, ngokuba ngikhutshaziwe.”
35. Ukulwa kwaqina ngalolo suku; inkosi yasekelwa enqoleni yayo malungana nama-Aramu, yafa ngakusihlwa; igazi lenxeba laphalazeka phansi enqoleni.
36. Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu* lonke isimemo sokuthi: “Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.”
37. Yafa-ke inkosi, yayiswa eSamariya; bayimbela inkosi eSamariya.
38. Sebeyihlanza inqola echibini laseSamariya, izinja zaxhapha igazi lakhe, nezifebe zageza khona njengezwi likaJehova abelikhulumile.
39. Ezinye izindaba zika-Ahabi, nakho konke akwenzayo, nendlu yezimpondo zendlovu ayakhayo, nayo yonke imizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?