1 Amakhosi 21:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.

2. U-Ahabi wakhuluma kuNaboti, wathi: “Ngiphe isivini sakho ukuba sibe yisivande sami semifino, ngokuba siseduze nendlu yami, ngikunike isivini esihle kunaso esikhundleni saso; kepha uma kukuhle emehlweni akho, ngiyakukunika isiliva libe yintengo yaso.”

3. Wayesethi uNaboti ku-Ahabi: “Makube kude nami ngenxa kaJehova ukuba ngikunike ifa lawobaba.”

4. U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme, ethukuthele ngenxa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli; ngokuba wayeshilo ukuthi: “Angiyikukunika ifa lawobaba.” Walala embhedeni, waphendula ubuso, akadlanga lutho.

5. Kepha kwase kufika kuye u-Izebeli umkakhe, wakhuluma kuye, wathi: “Uhlunameleni umoya wakho ukuba ungadli lutho na?”

6. Wathi kuye: “Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli, ngathi kuye: ‘Ngiphe isivini sakho ngesiliva; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso;’ kodwa wathi: ‘Angiyikukunika isivini sami.’ ”

7. Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: “Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa-Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.”

8. Wayeseloba izincwadi egameni lika-Ahabi, wazinamathelisa ngophawu lwakhe, wazithuma izincwadi kumalunga nakwabakhulu ababesemzini wakhe, abakhe kanye noNaboti.

9. Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNaboti emqoka kubantu,

10. nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi, bese nimkhiphela ngaphandle, nimkhande ngamatshe, afe.’ ”

11. Amadoda omuzi wakubo, amalunga nabakhulu ababehlala emzini wakubo, enza njengokuthumela kuka-Izebeli kuwo nanjengokulotshiweyo ezincwadini ayezithume kuwo.

12. Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.

13. Lawo madoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; bafakaza labo bantu ababi ngaye, bathi: “Yena uNaboti uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.

1 Amakhosi 21