1 Amakhosi 20:8-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Amalunga onke nabantu bonke bathi kuye: “Ungalaleli, ungavumi.”

9. Wayesethi kuzo izithunywa zikaBeni Hadadi: “Yitsheleni inkosi yami, inkosi, ukuthi: ‘Konke owathumela ngakho encekwini yakho kuqala ngiyakukwenza, kepha le nto anginakuyenza.’ ” Zase zihamba izithunywa, zambuyisela izwi.

10. UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”

11. Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: “Khulumani kuye, nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.’ ”

12. Kwathi esezwa leli zwi, ephuza kanye namakhosi emadokodweni, wathi ezincekwini zakhe: “Mayiphume.” Yayisiphuma ukulwa nomuzi.

13. Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uyasibona sonke lesi sixuku na? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.’ ”

14. Wayesethi u-Ahabi: “Ngobani na?”Wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngezinsizwa zezikhulu zezifunda.’ ”Wayesethi: “Ngubani oyakokha impi?”Wathi: “Nguwe.”

15. Wayesebala izinsizwa zezikhulu zezifunda, zazingamakhulu amabili namashumi amathathu nambili; emva kwazo wabala abantu bonke, bonke abantwana bakwa-Israyeli, beyizinkulungwane eziyisikhombisa.

16. Baphuma emini. Kepha uBeni Hadadi wayephuza waze wadakwa emadokodweni, yena namakhosi, amakhosi angamashumi amathathu nambili amsizayo.

17. Izinsizwa zezikhulu zezifunda zaphuma kuqala; uBeni Hadadi wathumela, bamtshela ukuthi kuphume abantu eSamariya.

18. Wathi: “Noma bephumele ukuthula, babambeni besaphila, noma bephumele ukulwa, babambeni besaphila.”

19. Zaphuma-ke emzini izinsizwa lezo zezikhulu zezifunda kanye nempi eyazilandela.

20. Babulala, kwaba yilowo nalowo umuntu wakhe; ama-Aramu abaleka, u-Israyeli wawaxosha; uBeni Hadadi inkosi yama-Aramu waphunyuka ngehhashi kanye nabamahhashi.

21. Inkosi yakwa-Israyeli yaphuma, yagenca amahhashi nezinqola, yabulala ama-Aramu ngokuceka okukhulu.

22. Umprofethi wasondela enkosini yakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.”

23. Izinceku zenkosi yama-Aramu zathi kuyo: “Unkulunkulu wabo ungunkulunkulu wezintaba, ngalokho basahlula; kepha masilwe nabo ethafeni, impela siyakubahlula.

1 Amakhosi 20