1 Amakhosi 20:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wabutha yonke impi yakhe; wayenamakhosi angamashumi amathathu nambili, namahhashi, nezinqola; wenyuka, wavimbezela iSamariya, walwa nalo,

2. wathuma izithunywa ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli emzini,

3. wathi kuye: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Isiliva lakho negolide lakho lingelami, nawomkakho nabantwana bakho abahle bangabami.’ ”

4. Inkosi yakwa-Israyeli yaphendula yathi: “Kunjengokusho kwakho, nkosi yami, nkosi: Ngingowakho nakho konke enginakho.”

5. Kepha izithunywa zabuya, zathi: “Usho kanje uBeni Hadadi, uthi: ‘Ngathumela kuwe, ngathi: Uyakunikela kimi isiliva lakho negolide lakho, nawomkakho, nabantwana bakho,

6. kepha ngalesi sikhathi kusasa ngiyakuthuma izinceku zami kuwe, ziyalule indlu yakho nezindlu zezinceku zakho; kuyakuthi konke okuhle emehlweni akho zikufake esandleni sazo, zikususe.’ ”

7. Inkosi yakwa-Israyeli yayisibiza onke amalunga ezwe, yathi: “Ake niqaphele, nibone ukuthi lowo muntu ufuna okubi, ngokuba wathumela kimi ngawomkami, nangabantwana bami, nangesiliva lami, nangegolide lami, angimnqabelanga.”

8. Amalunga onke nabantu bonke bathi kuye: “Ungalaleli, ungavumi.”

9. Wayesethi kuzo izithunywa zikaBeni Hadadi: “Yitsheleni inkosi yami, inkosi, ukuthi: ‘Konke owathumela ngakho encekwini yakho kuqala ngiyakukwenza, kepha le nto anginakuyenza.’ ” Zase zihamba izithunywa, zambuyisela izwi.

10. UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”

1 Amakhosi 20