7. Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.
8. Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBahasha, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili.
9. Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10. uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11. Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12. UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,
13. ngenxa yezono zonke zikaBahasha nezono zika-Ela indodana yakhe one ngazo, futhi onise ngazo u-Israyeli, baze bacunula uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezithombe zabo.
14. Ezinye izindaba zika-Ela nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
15. Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, uZimri waba yinkosi izinsuku eziyisikhombisa eTirisa. Abantu base bemisile ngaseGibethoni elalingelamaFilisti.
16. Abantu ababemisile bezwa kuthiwa: “UZimri wenzile ugobe, ubulele nenkosi;” ngalokho wonke u-Israyeli wambeka u-Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.*
17. U-Omri wenyuka eGibethoni wonke u-Israyeli enaye, bavimbezela iTirisa.
18. Kwathi uZimri esebonile ukuthi umuzi uthathiwe, wangena enqabeni yendlu yenkosi, wayishisa indlu yenkosi phezu kwakhe ngomlilo, wafa
19. ngenxa yezono zakhe one ngazo ngokwenza okubi emehlweni kaJehova, ngokuhamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe asenzayo ukuba onise u-Israyeli.
20. Ezinye izindaba zikaZimri nogobe alwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
21. Khona abantu bakwa-Israyeli bahlukana kabili; inxenye yabantu yalandela uThibini, indodana kaGinati, ukuba bambeke inkosi, inxenye yalandela u-Omri.