1. Izwi likaJehova lafika kuJehu indodana kaHanani ngoBahasha, lathi:
2. “Njengokuba ngakuphakamisa othulini, ngakubeka umbusi wabantu bami u-Israyeli, kepha uhambe endleleni kaJerobowamu, wonisa abantu bami u-Israyeli ukuba bangicunule ngezono zabo,
3. bheka, ngiyakukhukhula nokukhukhula uBahasha nendlu yakhe, ngenze indlu yakho ibe njengendlu kaJerobowamu indodana kaNebati.
4. Yena wakwaBahasha ofela emzini uyakudliwa yizinja, nalowo wakwakhe ofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu.”
5. Ezinye izindaba zikaBahasha, nakwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
6. UBahasha wayeselala koyise, wembelwa eTirisa; u-Ela indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7. Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.
8. Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka-Asa, inkosi yakwaJuda, u-Ela, indodana kaBahasha, waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli eTirisa, wabusa iminyaka emibili.
9. Inceku yakhe uZimri, induna yenxenye yezinqola zakhe, yamenzela ugobe; eseTirisa ephuzile waze wadakwa endlini ka-Arisa owayephezu kwabendlu yaseTirisa,
10. uZimri wangena, wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
11. Kwathi esaqala nje ukubusa, esehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, wabulala yonke indlu kaBahasha, kamshiyelanga nomntwana oyedwa owesilisa kwabazalana naye nakubo abangane bakhe.
12. UZimri waqeda kanjalo yonke indlu kaBahasha, njengezwi likaJehova alikhuluma ngoBahasha ngesandla sikaJehu umprofethi,