12. Kepha ngiyakushiya phakathi kwakho abantu abahluphekayo nabampofu;bayakwethemba igama likaJehova.
13. Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi,ingakhulumi amanga,kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo;yebo, bayakwaluka, babuthise,kungekho obesabisayo.”
14. Hlabelela ngokujabula, ndodakazi yaseSiyoni,umemeze, Israyeli,uthokoze, wethabe ngenhliziyo yonke,ndodakazi yaseJerusalema.
15. UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho,uxoshile izitha zakho.INkosi yakwa-Israyeli, uJehova,iphakathi kwakho;awusayikwesaba okubi.
16. Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema:“Ungesabi, Siyoni!Izandla zakho mazingadangali.
17. UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho,iqhawe eliyakukusindisa;uyakujabula ngawe ngentokozo,athule othandweni lwakhe,ethabe ngawe ngokuhlabelela.”