Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda,yaluse kulo;ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa,ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela,abuyise ukuthunjwa kwabo.