13. Uyakwelulela isandla sakhe ngasenyakatho,achithe i-Asiriya,alenze iNineve libe yincithakalo,lome njengehlane.
14. Imihlambi iyakubuthisa phakathi kwalo,zonke izilwane zesizwe,ivuba nonondwebu kuhlale ebusuku ezihlokweni zezinsika zalo,isikhova sikhale emafasiteleni,kube khona incithakalo emigulugulwini,ngokuba wambulile okwemisedari.*
15. Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile,owathi enhliziyweni yawo:Mina ngikhona, akakho omunye;yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane!Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa,banikine isandla sabo.