1. Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.
2. “Ngiyakuqothula nokuqothula konke,kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
3. “Ngiyakuqothula abantu nezilwane,ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle,ngikhubekise ababi,nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
4. “Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJudanaphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema,nginqume insali kaBali kule ndawo,negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
5. nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu,nabakhuleka kuJehova bemfunga,befunga futhi uMilkomu,