1. Izwi likaJehova elafika kuZefaniya indodana kaKushi kaGedaliya ka-Amariya kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda.
2. “Ngiyakuqothula nokuqothula konke,kusuke ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
3. “Ngiyakuqothula abantu nezilwane,ngiqothule izinyoni zezulu nezinhlanzi zaselwandle,ngikhubekise ababi,nginqume abantu ebusweni bomhlaba,” usho uJehova.
4. “Ngiyakwelula isandla sami phezu kukaJudanaphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema,nginqume insali kaBali kule ndawo,negama labapristi bezithixo kanye nabapristi,
5. nabakhuleka kulo ibandla lasezulwini phezu kwezindlu,nabakhuleka kuJehova bemfunga,befunga futhi uMilkomu,
6. nababuyile ekumlandeleni uJehova,nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.
7. Thula phambi kobuso beNkosi uJehova,ngokuba usuku lukaJehova luseduze;uJehova ulungisile umhlatshelo,ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.
8. Kuyakuthi ngosuku lomhlatshelo kaJehova,ngihambele izikhulu,namadodana enkosi,nabo bonke abembethe isambatho sabezizwe.
9. Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu,begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.
10. “Ngalolo suku,” usho uJehova,“kuyakuba khona izwi lokukhala,livela eSangweni Lezinhlanzi,nokuhhewula,kuvela eNxenyeni Yesibili,nokufahlazeka okukhulu,kuvela emagqumeni.
11. Hhewulani nina enakhe esiGqulweni,ngokuba bonke abantu abathengisayo bachithekile,bonke abathweswe isiliva banqunyiwe.