18. Izwi likaJehova Sebawoti lafika kimi, lathi:
19. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”
20. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakufika izizwe nabakhe emizini eminingi,
21. bahambe abakhileyo komunye, baye komunye, bathi: ‘Masiye impela ukunxusa ebusweni bukaJehova, simfune uJehova Sebawoti; nami ngiyakuhamba.’
22. Kuyakufika abantu abaningi nezizwe ezinamandla ukufuna uJehova Sebawoti eJerusalema nokunxusa ebusweni bukaJehova.”
23. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”