Uzakariya 8:12-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.

13. Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa-Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.”

14. Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini, lapho oyihlo babengithukuthelisa,” usho uJehova Sebawoti, “ngingazisolanga,

15. kanjalo ngibuye ngahlosa kulezi zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu yakwaJuda okuhle; ningesabi.

Uzakariya 8