1. Izwi likaJehova Sebawoti lafika lathi:
2. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.”
3. Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.”
4. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Kusazakuhlala amaxhegu nezalukazi ezitaladini zaseJerusalema, yilowo nalowo abe nodondolo esandleni sakhe ngenxa yobuningi bezinsuku zakhe.
5. Izitaladi zasemzini ziyakugcwala abafana namantombazana bedlala ezitaladini zawo.”
6. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku, kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na?” usho uJehova Sebawoti.
7. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bhekani, ngiyakusindisa abantu bami ezweni lasempumalanga nasezweni lasentshonalanga,
8. ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.”
9. Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Maziqine izandla zenu nina enizwa kulezi zinsuku lawa mazwi avela emlonyeni wabaprofethi ababe khona mhla sibekwa isisekelo sendlu kaJehova Sebawoti, ithempeli, ukuba yakhiwe.