Uzakariya 6:4-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Ngase ngithatha, ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ayini lana, nkosi?”

5. Ingelosi yaphendula, yathi kimi: “Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.

6. Enamahhashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.”

7. Alufipha aphuma, afuna ukuhambahamba emhlabeni; yathi: “Hambani, nihambahambe emhlabeni.” Ayesehambahamba emhlabeni.

8. Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: “Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.”

9. Lase lifika izwi likaJehova, lathi;

10. “Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolo suku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befike khona bevela eBabele.

Uzakariya 6