Uzakariya 5:7-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Bheka, isisibekelo somthofu saziphakamisa, kwakungowesifazane owahlala phakathi kwe-efa.

8. Yathi: “Lokhu kungububi.” Wamphonsa phakathi kwe-efa, waphonsa isisindo somthofu emlonyeni walo.

9. Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma abesifazane ababili, umoya usemaphikweni abo; babe namaphiko njengamaphiko kanogolantethe, baliphakamisa i-efa emkhathini wezulu nomhlaba.

10. Ngase ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Laba baliyisaphi i-efa na?”

11. Yathi kimi: “Ukulakhela indlu ezweni laseShineyari; isilungisiwe liyakubekwa khona endaweni yalo.”

Uzakariya 5