Uzakariya 4:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya, yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni bakhe.

2. Yathi kimi: “Ubonani na?”Ngathi: “Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobho eyisikhombisa kuleso naleso sibani esiphezu kwalo,

3. neminqumo emibili eseceleni kwalo, omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo.”

4. Ngathatha ngasho kuyo ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: “Ziyini lezi, nkosi?”

5. Ingelosi eyayikhuluma nami yaphendula, yathi kimi: “Awazi yini ukuthi ziyini lezi?”Ngathi: “Qha, nkosi.”

6. Yayisithatha isho kimi, ithi: “Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kepha kube ngomoya wami kuphela,’ usho uJehova Sebawoti.

Uzakariya 4