2. Ngathi: “Uya ngaphi?”Wathi kimi: “Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.”
3. Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza,
4. yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo.
5. ‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’
6. “Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.