Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho mthengisi ngalolo suku endlini kaJehova Sebawoti.