Uzakariya 12:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.’

6. “Ngalolo suku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.

7. “UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.

8. Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.

9. Kuyakuthi ngalolo suku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.

10. “Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.

11. Ngalolo suku kuyakuba khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi Rimoni esigodini saseMegidoni.

12. Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo: umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo;

13. umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo,

14. nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.

Uzakariya 12