Uzakariya 12:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Isiprofetho.Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:

2. “Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.

3. Kuyakuthi ngalolo suku ngenze iJerusalema libe yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.

4. Ngalolo suku,” usho uJehova, “ngiyakushaya onke amahhashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahhashi abezizwe ngobumpumputhe.

Uzakariya 12