Uzakariya 11:11-16 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Saphulwa ngalona lolo suku, bese zazi izimvu ezihluphekayo ezangilalela ukuthi kwakuyizwi likaJehova.

12. Ngase ngithi kuzo: “Uma kukuhle emehlweni enu, ngipheni inkokhelo yami, kepha uma kungenjalo, yekani.” Zase zilinganisela inkokhelo yami izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva.

13. Wathi kimi uJehova: “Ziphonse kumbumbi,” inani elikhulu engilinganisiwe nalo yibo. Ngazamukela izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.

14. Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.

15. UJehova wayesethi kimi: “Zithathele izikhali zomalusi oyisiwula.

16. Ngokuba bheka, ngiyakuvusa umalusi ezweni ongayikuhambela ezilahlekileyo, angafuni ezihlakazekileyo, angazelaphi ezaphukileyo, angaboneleli eziphilayo, kepha adle inyama yezikhulupheleyo, adwebule izinselo zazo.

Uzakariya 11