6. “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,ngisindise indlu yakwaJosefa,ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,babe kungathi angizange ngibalahle,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;ngiyakubezwa.
7. U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;abantwana babo bayakukubona, bathokoze;inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.
8. Ngiyakubahlabela ikhwelo,ngibabuthe,ngokuba ngibahlengile;bayakwanda njengalokho kade banda.
9. Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,baphile kanye nabantwana babo,babuye.
10. Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,ngibabuthe e-Asiriya,ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,abayikutholelwa indawo.
11. Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,kushaywe amaza olwandle,nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,isuke intonga yaseGibithe.
12. Ngiyakubaqinisa kuJehova,bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.