Uzakariya 10:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kuyena kuyakuphuma itshe legumbi,kuyena isikhonkwane,kuyena umnsalo wempi,kuyena bonke ababusi kanyekanye.

5. Bayakuba njengamaqhaweanyathela udaka ezitaladini ekulweni;bayakulwa, ngokuba uJehova unabo,nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.

6. “Ngiyakuqinisa indlu yakwaJuda,ngisindise indlu yakwaJosefa,ngibabuyise, ngokuba nginomusa kubo,babe kungathi angizange ngibalahle,ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;ngiyakubezwa.

7. U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe;inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini;abantwana babo bayakukubona, bathokoze;inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.

8. Ngiyakubahlabela ikhwelo,ngibabuthe,ngokuba ngibahlengile;bayakwanda njengalokho kade banda.

9. Nalapho ngibahlwanyela phakathi kwabantu,bayakungikhumbula ezindaweni ezikude,baphile kanye nabantwana babo,babuye.

10. Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe,ngibabuthe e-Asiriya,ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni,abayikutholelwa indawo.

11. Bayakudabula elwandle lokuhlupheka,kushaywe amaza olwandle,nezintwa zonke zeNayile ziyakoma,kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya,isuke intonga yaseGibithe.

12. Ngiyakubaqinisa kuJehova,bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.

Uzakariya 10