Uzakariya 1:8-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.

9. Ngase ngithi: “Bayini laba?”Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”

10. Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”

11. Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”

12. Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”

13. UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.

14. Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu.

15. Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’

16. “Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.’

17. “Phinda umemeze, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni, abuye alikhethe iJerusalema.’ ”

18. Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nazo izimpondo ezine.

19. Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ziyini lezi?”Yathi kimi: “Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.”

20. UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi.

21. Ngathi: “Laba bafike ukwenzani na?”Wakhuluma wathi: “Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe, kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo, bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphondo ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.”

Uzakariya 1