6. Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”
7. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
8. Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.
9. Ngase ngithi: “Bayini laba?”Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”
10. Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”
11. Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”
12. Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”
13. UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.