Uzakariya 1:18-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nazo izimpondo ezine.

19. Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ziyini lezi?”Yathi kimi: “Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.”

20. UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi.

21. Ngathi: “Laba bafike ukwenzani na?”Wakhuluma wathi: “Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe, kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo, bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphondo ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.”

Uzakariya 1