1. Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
2. “UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo.
3. Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti.
4. Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova.
5. Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na?
6. Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”
7. Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:
8. Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.
9. Ngase ngithi: “Bayini laba?”Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”
10. Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”
11. Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”
12. Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”
13. UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.
14. Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu.