Uruthe 4:13-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana.

14. Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli.

15. Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”

16. UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe.

17. Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.

18. Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi;

19. uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba;

20. u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni;

21. uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede;

22. u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.

Uruthe 4