Uruthe 1:19-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: “Lo unguNawomi na?”

20. Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.

21. Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”

22. Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMowabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

Uruthe 1