Unumeri 9:7-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Lawo madoda athi kuye: “Singcolisiwe yisidumbu somuntu; sivinjelelwani ukunikela ngomnikelo kaJehova ngesikhathi sawo esinqunyiweyo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli na?”

8. UMose wathi kuwo: “Yimani ukuba ngizwe ukuthi uJehova uyakuyalani ngani.”

9. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova;

11. ngenyanga yesibili ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo;

12. abayikushiya lutho kuze kube sekuseni, bangaphuli thambo lalo; ngokwezimiso zonke zephasika bayakulenza.

13. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

14. “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

Unumeri 9