Unumeri 9:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.

14. “ ‘Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu, ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo, uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni.’ ”

15. Ngosuku itabernakele* elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele, itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

16. Kwakunjalo ngesikhathi sonke: ifu lalisibekela, kwabonakala umlilo ebusuku.

17. Nalapho ifu lenyuswa etendeni, base behamba abantwana bakwa-Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.

18. Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.*

19. Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi, abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

20. Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu,* nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

21. Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni; nalapho ifu lenyuswa ekuseni, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini, bahamba lapho ifu lenyuswa.

22. Noma kwakuyizinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu,* abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

23. Ngesiyalezo sikaJehova bamisa, nangesiyalezo sikaJehova bahamba; bagcina inkonzo kaJehova ngesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

Unumeri 9