Unumeri 8:5-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

6. “Thabatha amaLevi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ubahlambulule.

7. Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula, baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.

8. Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono.

9. Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,

10. ulethe amaLevi phambi kukaJehova; abantwana bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamaLevi,

Unumeri 8