16. Ngokuba mina nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; esikhundleni sakho konke okuvula isizalo, amazibulo abo bonke abantwana bakwa-Israyeli, ngizithabathele wona.
17. Ngokuba onke amazibulo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane; mhla ngishaya amazibulo onke ezweni laseGibithe ngazingcwelisela wona.
18. Ngithabathile amaLevi esikhundleni samazibulo onke abantwana bakwa-Israyeli.
19. Ngiwanikile amaLevi abe yisipho sika-Aroni nesamadodana akhe esivela kubantwana bakwa-Israyeli ukusebenza umsebenzi wabantwana bakwa-Israyeli etendeni lokuhlangana nokwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabikho sifo phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lapho abantwana bakwa-Israyeli besondela endlini engcwele.”
20. Benze njalo-ke oMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli kumaLevi; njengakho konke uJehova amyala ngakho uMose ngamaLevi, benze njalo kuwo abantwana bakwa-Israyeli.
21. AmaLevi aziphothula, ahlanza izingubo zawo; u-Aroni wanikela ngawo abe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; u-Aroni wawenzela ukubuyisana ukuwahlambulula.
22. Emva kwalokho amaLevi angena ukwenza umsebenzi wawo etendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni naphambi kwamadodana akhe; njengalokho uJehova emyalile uMose ngamaLevi, benze njalo-ke kuwo.
23. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
24. “Yilokhu okungokwamaLevi: kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili nanhlanu kuya phezulu ayakungena ukugcina umsebenzi wenkonzo yetende lokuhlangana:
25. kusukela kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu bayakuphuma emsebenzini wenkonzo, bangabe besakhonza;
26. kodwa bayakukhonza kanye nabafowabo etendeni lokuhlangana, bagcine imfanelo kepha bangabe besakhonza. Uyakwenze njalo kumaLevi ngezimfanelo zawo.”