Unumeri 7:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.”

6. UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.

7. Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,

8. nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

9. Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.

10. Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.

11. UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”

12. Owanikela ngomnikelo wakhe ngosuku lokuqala nguNaheshoni indodana ka-Aminadaba, owesizwe sakwaJuda.

13. Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,

14. nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,

Unumeri 7