Unumeri 7:1-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi ngosuku uMose aqeda ngalo ukumisa itabernakele,* waligcoba, walingcwelisa kanye nayo yonke impahla yalo, ne-altare, nazo zonke izitsha zalo, wazigcoba, wazingcwelisa,

2. izikhulu zakwa-Israyeli, izinhloko zezindlu zawoyise zanikela; lezo zaziyizikhulu zezizwe, zazibekwe phezu kwababalwayo.

3. Zaletha iminikelo yazo phambi kukaJehova, izinqola eziyisithupha ezimboziwe, nezinkabi eziyishumi nambili, yilezo zikhulu ezimbili zinenqola inye, yileso sinenkunzi; zazethula phambi kwetabernakele.*

4. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

5. “Zamukele kuzo, ukuze zenze inkonzo yetende lokuhlangana, uzinike amaLevi, kube yilowo nalowo muntu ngokomsebenzi wakhe.”

6. UMose wathatha izinqola nezinkabi, wazinika amaLevi.

7. Izinqola ezimbili nezinkabi ezine wazinika amadodana kaGereshoni ngomsebenzi wawo,

8. nezinqola ezine nezinkabi eziyisishiyagalombili wazinika amadodana kaMerari ngomsebenzi wawo phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

9. Kepha amadodana kaKohati akawanikanga lutho, ngokuba inkonzo yendlu engcwele yayiyiwo eyawo; ayithwala emahlombe awo.

10. Izikhulu zanikelela ukwahlukaniselwa kwe-altare ngosuku lokugcotshwa kwalo, izikhulu zanikela ngomnikelo wazo phambi kwe-altare.

11. UJehova wathi kuMose: “Izikhulu ziyakunikela ngomnikelo wazo, yileso naleso ngosuku lwaso, ube ngowahlukaniselwa kwe-altare.”

Unumeri 7