Unumeri 5:1-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

2. “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,

3. nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”

4. Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

5. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

6. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala,

7. uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.

8. Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.

9. Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe.

10. Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”

11. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

12. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye,

13. alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga,

14. afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga,

15. indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.

16. “ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova,

17. umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele,* alufake emanzini,

18. umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.

Unumeri 5