Unumeri 4:9-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo;

10. bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni.

11. “E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

12. “Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni.

13. “Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,

14. babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

15. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

16. “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”

17. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

18. “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,

19. kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;

20. kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”

21. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

22. “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo

23. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

24. “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:

25. bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,

Unumeri 4