Unumeri 4:39-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

39. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,

40. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.

41. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.

42. Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,

43. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,

44. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili.

45. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

46. Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise,

47. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,

48. labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili.

49. Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe.Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.

Unumeri 4