32. nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.
33. Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”
34. OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
35. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;
36. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
37. Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
38. Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
39. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
40. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
41. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.
42. Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
43. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana,
44. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili.
45. Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.
46. Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise,
47. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana,