25. bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26. nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.
27. Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo.
28. Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
29. “Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise;
30. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana.
31. Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo,
32. nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala.
33. Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”
34. OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
35. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana;
36. labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu.
37. Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.