15. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
16. “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”
17. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
18. “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,
19. kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
20. kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”
21. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
22. “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo
23. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
24. “Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala:
25. bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana,
26. nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza.