Unumeri 4:12-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. “Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni.

13. “Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,

14. babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

15. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

16. “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”

17. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:

18. “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,

19. kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;

20. kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”

21. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

22. “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo

Unumeri 4