12. “Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni.
13. “Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,
14. babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
15. “Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.
16. “Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”
17. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
18. “Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi,
19. kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe;
20. kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”
21. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
22. “Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo