1. UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi:
2. “Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise,
3. kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.
4. “Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele.
5. Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo,
6. bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.
7. “Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.
8. Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.
9. “Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo;
10. bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni.
11. “E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.