Unumeri 35:6-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. “Imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba yimizi eyisithupha yokuphephela, eniyakuyinika umbulali ukuba abalekele kuyo; ngaphandle kwayo niyakuwanika imizi engamashumi amane nambili.

7. Yonke imizi eniyakuyinika amaLevi iyakuba ngamashumi amane nesishiyagalombili, yona kanye namadlelo ayo.

8. Mayelana nemizi eniyakuyinika nithathe kulo izwe labantwana bakwa-Israyeli, kwabaningi nithathe eminingi, kwabayingcosana nithathe eyingcosana, yilowo nalowo anike amaLevi ngokuthatha kuyo imizi yakhe njengefa lakhe alidlayo.”

9. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

10. “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa niwela iJordani ningena ezweni laseKhanani,

11. niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

12. Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

13. Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.

14. Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.

15. Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

16. “ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

17. Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

18. Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

19. Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.

Unumeri 35