30. “ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.
31. “ ‘Futhi aniyikuthatha ihlawulo lokuphila kombulali onecala lokubulala, kodwa wobulawa nokubulawa.
32. “ ‘Aniyikuthatha ihlawulo lobalekele emzini wakhe wokuphephela ukuba abuye ahlale ezweni, engakafi umpristi.
33. “ ‘Aniyikungcolisa izwe enikulo, ngokuba igazi liyalingcolisa izwe; alikho ihlawulo lezwe ngegazi elichithakele kulo, kuphela ngegazi lolichithile.
34. Aniyikungcolisa izwe enakhe kulo, ngokuba mina Jehova ngihlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”