Unumeri 35:13-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.

14. Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.

15. Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

16. “ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

17. Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

18. Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

19. Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.

20. Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,

21. noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.

22. “ ‘Kepha uma emgqula engazelele kungengabutha, noma emphonsa ngento engamqamekelanga,

23. noma ngetshe umuntu angafa ngalo, engamboni, amphonse ngalo aze afe, engeyiso isitha sakhe, ebengafuni futhi ukumona,

Unumeri 35