Unumeri 35:11-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

12. Iyakuba yimizi yenu yokuphepha kumphindiseli, ukuze umbulali angafi engakemi phambi kwenhlangano, ahlulelwe.

13. Imizi eniyakuwanika yona iyakuba yimizi yenu eyisithupha yokuphephela.

14. Niyakunikela imizi emithathu ngaphesheya kweJordani, ninikele imizi emithathu ezweni laseKhanani ibe yimizi yokuphephela.

15. Kubantwana bakwa-Israyeli, nakumfokazi, nakogogobeleyo phakathi kwabo lemizi iyakuba ngeyokuphephela ukuba yilowo nalowo obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.

16. “ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

17. Uma emshaya ngetshe elisesandleni sakhe, umuntu angafa ngalo, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

18. Uma emshaya ngesikhali somuthi esisesandleni sakhe, umuntu angafa ngaso, aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.

19. Umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali uqobo lwakhe; lapho ehlangana naye, uyakumbulala.

20. Uma emgqula ngenzondo noma emphonsa emqamekele aze afe,

21. noma emshaya ngesandla sakhe ngobutha aze afe, omshayileyo wobulawa nokubulawa; ungumbulali; umphindiseli wegazi uyakumbulala umbulali, lapho ehlangana naye.

22. “ ‘Kepha uma emgqula engazelele kungengabutha, noma emphonsa ngento engamqamekelanga,

23. noma ngetshe umuntu angafa ngalo, engamboni, amphonse ngalo aze afe, engeyiso isitha sakhe, ebengafuni futhi ukumona,

24. khona inhlangano iyakwahlulela phakathi koshayileyo nomphindiseli wegazi ngokwalezi zahlulelo;

25. inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona, ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.

26. “ ‘Kepha uma umbulali edlula ngesikhathi esithile umkhawulo womuzi wakhe wokuphephela lapho ebalekele khona,

27. umphindiseli wegazi emfica ngaphandle komkhawulo womuzi wakhe wokuphephela, umphindiseli wegazi embulala umbulali, akayikuba nacala legazi,

28. ngokuba nga ehlalile emzini wakhe wokuphephela waze wafa umpristi omkhulu; kepha emva kokufa kompristi omkhulu umbulali uyakubuyela ezweni eliyifa lakhe.

29. “ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.

30. “ ‘Noma ubani obulala umuntu, umbulali uyakubulawa ngemilomo yawofakazi; kepha ufakazi oyedwa akayikufakazela muntu aze afe.

Unumeri 35