Unumeri 34:18-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Niyakuthabatha isikhulu sibe sinye kuleso naleso sizwe ukwahlukanisa izwe libe yifa lenu.

19. “Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.

20. Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.

21. Esizweni sakwaBenjamini: ngu-Elidadi indodana kaKisiloni.

22. Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.

23. Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana ka-Efodi.

24. Esizweni sabantwana bakwa-Efrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.

Unumeri 34